Bheka amakhasi ahlukene (emakhasini 5 ukuya ku-10)!
Khetha UMBALA owuthanda kakhulu bese ubhala igama lakho kuwo uma uthanda!
Zungeza kulo mbukiso bese UTHOLA isithombe esipendiwe osibona ekhasini 12! Usitholile Mingaki IMIBALA oyibonayo Sinjani ISIMO SOKWAKHEKA salesi sithombe?
Lo msebenzi wenziwe izingxenye ezahlukene. Zingaki IZINGCEZU ozibalayo Thatha izitikha bese UZIHLELA ekhasini 22 ngendlela othanda ngayo! Zisungulele owakho umsebenzi wobuciko?
Kukhona izimo zokwakheka ozaziyo oke uzibone empilweni yansuku zonke osuke wazibona kulo mbukiso Ungazidweba?
Uke wazibona izikwele zakhiwe NGEZIMPAPHE Wazithola izingcezu Ingabe inyoni Cha Ifu Iphupho Kungaba izinto eziningi UCABANGANI?
Uma lo msebenzi wobuciko ungenza UMSINDO, kungaba uhlobo luni lomsindo Ungaba phezulu noma ungaba phansi Noma angeke kuze kube namsindo qobo Ungazama ukwenza lowo msindo?
Lesi sithombe-ke Ungakwazi ukucabanga ukuthi uhlobo luni lomculo esingawenza UNGAWUDANSELA lo mculo khona manje lapha?
Lo nguMbongeni. Akasebenzisi upende, amapensela, indwangu noma izimpaphe. Uqoqa izikhwama zamapulastiki bese eziletha esitudiyo. Lapho wenza isithombe esiyinhlanganisela yezinto, ikholaji, ngemidweshu yezikhwama zamapulastiki. UNGAWUCHAZA lo msebenzi wobuciko Ubonani?
Ungakwazi ukucabanga NGEZINTO ongazithola ekhaya, ezitaladini noma esikoleni Kukhona OKUTHOLAYO kulezi ZINTO kulo mbukiso Bhala phansi konke okutholile?
Zula zula ubheke yonke imisebenzi yobuciko. Khetha ingxenye oyithanndile kulo mbukiso!
Yenza UMDWEBO ukuze ukwazi ukukhombisa umndeni wakho kanye nabangane ekhaya!
Umsebenzi wobuciko osandakuwudweba unombala nesimo sokwakheka, futhi wenziwe ngezinto eziqondene nawo ngqo. Ungakwazi ukubhala phansi ukuthi lo msebenzi unahlobo luni loMBALA, lweSIMO SOKWAKHEKA kanye nolweZINTO?
Hamba uyofuna isithombe esipendiwe embukisweni!
Ubonani Ukhona umehluko uma isithombe esidwetshiwe usibukela ekudeni noma usibukela eduzane?
Bheka lo msebenzi kodwa ungasifundi isihloko! Ungakwazi ukucabanga ngeSIHLOKO obungasinikeza lo msebenzi wobuciko?
Manje bheka isihloko. Ingabe lesi sihloko kukhona esikuguqulayo Ingabe kukhona okubonayo noma okucabangayo okuhlukile kunokwakuqala?
Ungakwazi ukuthola umsebenzi wobuciko emnyuziyamu ofana nalezi zithombe ezimbili osandakuzibuka?
Uyitholile le nto EMINXA MITHATHU?
Yini umehluko phakathi kweSITHOMBE esisemakhasini (amakhasi amabili aphuzi aneziphambano) kanye noMSEBENZI WASEKUQALENI wobuciko ophambi kwakho?
Ake ubheke yomibili imisebenzi yobuciko bese ukhuluma ngeSIKHALA.
Bheka amaMercedes amnyama namhlophe emnyuziyamu!
Ungcweti wemisebenzi yobuciko ubezibuka ekuphi izimoto?
Uyayibona into eminxa mithathu EYINDIDA eduze kwezimoto?
Ake uzame ukudweba le nto NGOKUBONA KWEHLO LESIBUNGU.
Bheka lo msebenzi wobuciko.
Lo mfanekiso ubonisa indawo yokuhlala ngoKUBONA KWEHLO LENYONI. Ake udwebe UHLELO LWEPHANSI lwekilasi lakho elinayo yonke ifenisha bese usebenzisa ukubona kwehlo lenyoni.
Lesi yisithombe esenziwe nguZwelethu Mthethwa ohlala eKapa. Ukwenza iphrojekthi yakhe yobuciko uvakashela abantu abathathe izithombe emakhaya abo. Chaza indlu oyibonayo.
Ake udwebe ikhaya lakho ngemibono emithathu eyahlukene: lapho ulele phansi endlini, lapho ume esitulweni, kusukela ngaphakathi kuya ngaphandle.
